YAZI I-AYINA YAKHO
ENESITIMU
1. Inepuleti eliyinsimbi engagqwali
2. Umlomo wokufutha
3. Isembozo sendawo yokufaka
amanzi
4. Inebhathini lokulawula isitimu
5. Ikinobho lokufutha ngamanzi
nelokusebenzisa isitimu esiphuma
ngamandla/ngokushesha
6. Ilambu lokukhombisa izinga
lokushisa
7. Inesibambo esingasheleleli
8. Iyakwazi ukulawula izinga
lokushisa
9. Inethangi lamanzi
10. Inojeke
UKUCACISWA
IMISEBENZI
1. I-ayina ngesitimu.
2. Ukufutha amanzi nesitimu esiphuma ngamandla/ngokushesha.
IZINCOMO NGAPHAMBI KOKUYISEBENZISA
1. Ezinye zezingxenye ze-ayina zifakwe owoyeli kancane kungabangela ukuthi i-ayina iphume intuthu
kancane uma ikhanyiswa okokuqala. Lokhu kuzokwenzeka izikhathi ezimbalwa uyisebenzisa.
2. Susa lokhu embozwe ngakho okuyivikelayo kanye namalebuli epuletini bese uyayihlanza
ngendwangu ethambile, eswakeme.
3. Uma uqala ukusebenzisa i-ayina, ihlole endwangini endala kuqala ukuze uqinisekise ukuthi ipuleti
kanye nethangi lamanzi kuhlanzeke ngokwanele.
4. Linda imizuzu emithathu ngaphambi koku-ayina izinto ezinendwangu ezwelayo. Izinga lokushisa
lidinga isikhashana ukuze lizilungise libe sezingeni olifunayo, kungaba eliphezulu noma eliphansi.
5. Izindwangu ezinobucayi ezifana nosilika, iwuli, nezinithiwe, njll. kumele zi-ayinwe kusetshenziswe
indwangu yoku-ayinela ukuvikela ukuthi zingabi nomaka ocwebezelayo.
6. Phendula izilawuli zezinga lokushisa uzibeke lapho ufuna khona ngokuthi uqondanise nenkomba
yezinga lokushisa. Ilambu eliyinkomba lizokhanya uma i-ayina ishisa ezingeni elikhethiwe. Uma
ilambu eliyinkomba licisha i-ayina isuke isezingeni lokushisa elikhethiwe futhi isikulungele
ukusebenza.