EasyManua.ls Logo

Essentials FK-0901 - Page 29

Essentials FK-0901
31 pages
Print Icon
To Next Page IconTo Next Page
To Next Page IconTo Next Page
To Previous Page IconTo Previous Page
To Previous Page IconTo Previous Page
Loading...
ISIZULU
UKUNAKEKELA NOKUSIHLANZA
Ngaphambi kokuthi ulihlanze, khipha iketela eplakini bese uyalilinda liphole.
1. Ingaphandle: Sula ngendwangu eswakeme, bese uyalomisa.
- Ungasebenzisi izinto ezihayayo - zizolimaza lendawo ewuplastiki eketeleni.
- Ungawusebenzisi uphawoda wokuhlanza, noma izinto zokuhlanza ngoba
zingase zilishintshe umbala iketela lakho.
2. Ingaphakathi: Sula nge-sodium bicarbonate endwangini eswakeme. Liyakazisise.
Yize iketela lakho lifika nesisefo, kumele ulihlanze ingaphakathi lalo (naso isisefo)
njalo.
3. Isisefo: Siyakaze ngaphansi kompompi noma usebenzise ibhurashi elithambile
(noma usihlanze neketela ngenkathi ulisusa ukukhekhebuka). Yakazisisa kahle.
4. Ezindaweni ezinamanzi anzima, kubalulekile ukuthi kususwe izisihla, kanye nodoti
oshiywa amanzi eketeleni ngoba lokhu kungabangela ukusebenza kweswishi
yokubilisa lomile singakafiki isikhathi. Izinto eziningi zokuhlanza amaketela/ezisusa
ukukhekhebuka ezisusa ukuxebuka ziyatholakala ezitolo ezinkulu, amakhemisi
nakwezinye izitolo.
UKUSUSA UKUKHEKHEBUKA/UKUXEBUKA
1. Uma kwakheka ukukhekhebuka okunwabuzelayo ku-elementi yokushisisa, thenga
into yokususa ukukhekhebuka efanele bese uyalihlanza iketela lakho.
2. Ukuxebuka okunwabuzelayo kwenza sibe side isikhathi sokubila kweketela kanti
kungabangela ukuthi iketela lishe. Emva kokususa okuxebukayo, bilisa amanzi
izikhathi ezimbalwa usebenzisa amanzi amasha, bese uyawachitha. Susa ukuxebuka
okuseketeleni ngoba kungalimaza izingxenye zeketela.
3. Ezinye izifunda ezweni zinamanzi anomcako okwenza ukuthi uma amanzi akhona
ebila abe mhlophe okusamafu okushiya ukungcola ngaphandle kweketela. Lokhu
kujwayelekile futhi kungasuka ngokuthi ujwayele ukulihlanza iketela.
4. Iwaranti angeke ilikhokhele iketela elilimale ngenxa yokuthi alisuswa
okukhekhebukayo.
5. Ukushintsha kombala ongaphakathi weketela lakho ngenxa yamanzi asendaweni
yangakini angeke kuthathwe njengokungasebenzi kweketela.
6. Kunconywa ukuthi ujwayele ukulihlanza iketela lakho.