EasyManuals Logo

Tommee Tippee Advanced Anti-Colic Quick Start Guide

Tommee Tippee Advanced Anti-Colic
6 pages
To Next Page IconTo Next Page
To Next Page IconTo Next Page
To Previous Page IconTo Previous Page
To Previous Page IconTo Previous Page
Page #5 background imageLoading...
Page #5 background image
A Isivalo Sebhodlela
B Umlomo Webhodlela
C Iringi yokuvala
D Isondo Lokufaka
Umoya
E Ishubhu Lomoya Elikala Ukushisa
F Ivalvu
G Isizinda Sebhodlela
Ukugeleza
Okuhamba Kancane
Ukugeleza
Okuphakathi
Ukugeleza
Okusheshayo
UKUHLANZA NOKUSUSA AMAGCIWANE
Ngaphambi kokulisebenzisa okokuqala, hlanza lo mkhiqizo. Lihlanze njalo ngaphambi kokulisebenzisa. Lihlanze ngaso sonke isikhathi
ngokushesha ngemva kokulisebenzisa. Ngaphambi kokulisebenzisa okokuqala libeke emanzini abilayo imizuzu engu-5 lokhu
okokuqinisekisa ukuhlanzeka. Lihlanze ngamanzi afudumele anensipho bese uliyakaza ngamanzi ahlanzekile noma usebenzise umshini
wokugeza izitsha (ingxenye ephezulu kuphela). Qiniseka ukuthi uhlukanisa isonto lokufaka umoya (D) neshubhu lokufaka umoya (E) bese
ukuhlanzisisa ngebhulashi olinikeziwe. Ukuze uhlanze ezinye izingxenye zebhodlela, sebenzisa i-tommee tippee eseduze kwemvelo®
ibhodlela nomlomo webhodlela ngebhulashi. Lapho usuwahlanzile amabhodlela akho asekulungele ukususwa amagciwane. Zonke
izingxenye zamabhodlela kufanele zisuswe amagciwane. Zonke izingxenye zamabhodlela ziyafaneleka ukususwa amagciwane nge-steam
(ngogesi noma nge-microwave), i-tablet yamanzi abilayo noma abandayo / okuhlanganiswe noketshezi. Ungahlanzi ngezinto
ezincibilikisayo noma ezinamakhemikhali anamandla. Ungahlanganisi amabhodlela namafutha aphuma ekudleni (isib. amafutha /
amasobho enziwe ngotamatisi) ngoba azongcola. Ungawuphendukezeliumlomo webhodlelaukuze uwuhlanze. Ungalimala. Sebenzisa
ibhulashi lomlomo webhodlela. Ungasebenzisi ibhurashi lesithipha nanoma yini enye into uma uhlanza imbobo noma ivalvu yokuncela
ekugcineni kwesithipa ngoba zingase zidabuke.
UKULIGCINA NOKULISEBENZISA
Lihlole njalo ngaphambi kokulisebenzisa, udonse isthipha/umlomo uwuyise nxazonke. Lahla lapho ubona izimpawu zokuqala zokulimala
noma ubuthakathaka. Gcina zonke izingxenye zikude nokufinyelela kwezingane. Ngenxa yezizathu zokuphepha nezokuhlanzeka kutuswa
ukuba umlomo webhodlela ushintshwe njalo ngezinyanga ezingu-2. Ungasigcini noma usishiye elangeni noma endaweni eshisayo
isthipha/umlomo, noma kusibulala magciwane isikhathi eside kunesituswayo, ngoba loku kungasenza buthaka isthipha/umlomo. Ungayibeki
nezinto ezincibilikisayo noma ihlangane nazo noma amakhemikhali ayingozi. Alinakusetshenziswa kohhavini noma i-microwave ehlangene
nohhavini enendawo yokuthosa esebenzayo. Ungalifudumezi kuyi-microwave ibhodlela livaliwe. Susaumlomo webhodlela, iringi yokuvala
nesivalo sebhodlela.
NGENXA YOKUPHEPHA NEMPILO YENGANE YAKHO
ISIXWAYISO!
Njalo sebenzisa lo mkhiqizo uma kubheke abantu abadala. Kuye kwaba nezingozi lapho abantwana beye bashiywa bodwa nebhodlela
lokuphuza ngenxa yokuwa komntwana noma umkhiqizo uvulekile. Njalo hlola izinga lokushisa kokudla ngaphambi kokunika umntwana.
Ukufudumeza kohhavini be-microwave kungenza ukudla kushise kakhulu. Qaphelisisa lapho ukufudumeza nge-microwave. Njalo goqoza
ukudla okufudunyeziwe ukuze uqiniseke ukuthi kushisa konke bese uhlola izinga lokushisa ngaphambi kokunika umntwana. Lapho unika
umntwana ukudla, landela iziqondiso zabakhiqizi bobisi bese uvumela amanzi ahlanzekile abilile ukuba aphole ngaphambi kokuwathela
ebhodleleni. Ungalokothi usebenzise izithipha njengedamu lokuthulisa umntwana. Ukuqhubeka nokuncela isikhathi eside izinto
eziwuketshezi kungabangela ukubola kwamazinyo. Amazinyo ezingane ezincane angabola ngisho nalapho kusetshenziswe uketshezi
olungenawo ushukela. Loku kungenzeka uma umntwana eyekwa asebenzise inkomishi isikhathi eside emini ikakhulu nasebusuku bonke,
lapho ukuphuma kwamathe kuncishiswa noma uma isetshenziswa njengento yokumthulisa.
A
B
C
D
E
F
G
UKUQALA NGAMAFUPHI
Ngaphambi kokusebenzisa, geza zonke izingxenye ngamanzi afudumele anensipho, uyakaze ngamanzi ahlanzekile bese ususa amagciwane.
Vula ibhodlela lakho njengoba kuboniswe esithombeni.
Lapho uvula ibhodlela lakho kubalulekile ukuba uhlole i-valve (F) ngokuyibamba uyibhekise ekukhanyeni ukuze uhlole ukuthi imbobo
ene-silicone ayivalwanga. Uma ivaliwe, icindezeke kancane phakathi neminwe ukuze uphinde uyivule. Uma ivalvuivaliweibhodlela lakho
ngeke likhiphe umoya ngokufanele.
Njalo ngaphambi
kokuyisebenzisa, yibambe
uyibhekise ekukhanyeni
ukuze ubone imbobo bese
uyicindezela ukuze
uqinisekise ukuthi ikhipha
umoya.
Yenza ukudla kwakho.
Kunike umntwana.
Ochwepheshe abaningi bezempilo batusa ukuba unike
umntwana ubisi olusezingeni lokushisa komzimba (37oC / 98.6
F) Into ekala ukushisa iyashintsha ekubeni luhlaza ibe bomvana
uma ingu-41oC / 105.8 F). Uma, ngemva kwemizuzwana
engu-5, ishubu lokukala ukushisa lishintsha ekubeni luhlaza liba
bomvana kusho ukuthi ubisi lushisa kakhulu ukuba ungalunika
umntwana. Lokhu okokuqinisekisa wena, kodwa kubalulekile
ukuba njalo uhlole izinga lokushisa kwebhodlela ngaphambi
kokunika umntwana.
Ngemva kokulisebenzisa, geza zonke izingxenye ngamanzi
afudumele anensipho, uliyakaze ngamanzi ahlanzekile,
ukulungela ukuphinde ususe amagciwane.
www.tommeetippee.com
ZU

Other manuals for Tommee Tippee Advanced Anti-Colic

Questions and Answers:

Question and Answer IconNeed help?

Do you have a question about the Tommee Tippee Advanced Anti-Colic and is the answer not in the manual?

Tommee Tippee Advanced Anti-Colic Specifications

General IconGeneral
MaterialPlastic
Age Range0+ months
Anti-Colic TechnologyYes
Dishwasher SafeYes
Bottle TypeAnti-Colic
BPA FreeYes
SterilizableYes
Teat ShapeBreast-like
Nipple TypeSlow flow
IncludesBottle, Teat
Capacity260ml (9oz)

Related product manuals