UKUSEBENZISA
Ukusetha okokulawula ukupheka:
1. Beka ukudla kuhhavini bese uvala isivalo.
2. Phendula iswishi yamandla ukhethe izinga lamandla.
3. Phendula iswishi yokubeka isikhathi sokupheka
QAPHELA:
Uma okokubeka isikhathi sekubekiwe, uhhavini uzoqala ukupheka.
Uma ukhetha isikhathi esingaphansi kwemizuzu emi-2, phendula okokubeka isikhathi kudlule
emizuzwini emi-2 bese uyakuphendula kubuye kuze esikhathini esifanele.
ISEXWAYISO: NJALO PHENDULA ISWISHI YOKOKUBEKA ISIKHATHI IBUYELE KUZIRO uma
ukudla sekususiwe kuhhavini sibe singakapheli isikhathi ebesibekiwe noma uma uhhavini
ungasebenzi. Ukumisa uhhavini usapheka, phusha isivalo bese uyeka ikinobho noma uvule isivalo
ngesibambo.
UKUHLANZA NOKUNAKEKELA
1. Cisha uhhavini bese ususa iplaki kagesi ngaphambi kokuwuhlanza.
2. Gcina ingaphakathi likahhavini lihlanzekile. Uma ukudla kuchitheka noma kuchitheke uketshezi
odongeni lukahhavini, sula ngendwangu eswakeme. Kungasetshenziswa izinto zokuhlanza
ezingenzima kakhulu uma uhhavini ungcola kakhulu. Gwema ukusebenzisa isifutho nezinye
izinto zokuhlanza ezinzima ngoba zingase zingcolise noma zigqwalise isivalo.
3. Ingaphandle kumele lihlanzwe ngendwangu eswakeme. Ukugwema ukulimala kwezindawo
ezisebenzayo phakathi kuhhavini, akumele kungene amanzi ezindaweni eziyizimbobo noma
ezivulekile.
4. Hlala ngokusula isivalo nefasitela nhlangothi zombili, lokhu okuvala isivalo kanye nezingxenye
eziqondene nakho ngendwangu eswakeme ukususa ukungcola kokuchithekile. Ungasebenzisi
okokuhlanza okuhayayo.
5. Ungavumeli iphaneli yokulawula ibe manzi. Hlanza ngendwangu eswakeme, ethambile. Uma
uhlanza iphaneli yokulawula, shiya isivalo sivuliwe ukugwema ukuthi uhhavini ungazikhanyisi
ngephutha.
6. Uma kuba nesitimu ngaphakathi noma sizungeze ingaphandle lesivalo sikahhavini, sula
ngendwangu ethambile. Lokhu kungenzeka uma imakhroweyivu isebenza ngaphansi
kwendawo enomswakamo omkhulu. Lokhu kuvamisile.
7. Kudingeka ukuthi uhlale ulisuse ithileyi lengilazi ulihlanze. Geza ithileyi ngamanzi amthuku
noma emshinini wokugeza izitsha.
8. Iringi yokuphendula kanye nephansi likahhavini kumele kuhlanzwe njalo ukugwema umsindo
omningi. Sula nje ingezansi likahhavini ngento yokuhlanza emnene. Iringi ezungezisayo
ingawashwa ngamanzi anensipho noma emshinini wokuwasha izitsha. Uma ususa iringi
ephendukayo phakathi phansi emgodini, qinisekisa ukuthi uyibuyisela endaweni efanele.
9. Ukuqeda iphunga kuhhavini wakho hlanganisa inkomishi yamanzi kanye nejusi nesikhumba
sikalamula ukufake endishini engena kumakhroweyivu, ishisise imizuzu emihlanu. Sula kahle
bese womisa ngendwangu ethambile.
10. Uma ilambu likahhavini lidinga ukushintshwa, sicela uxhumane nomthengisi akwenze lokho.
11. Uhhavini kumele uhlale ngokuhlanzwa njalo kususwe nokungcola okudalwa ukudla. Uma
uhluleka ukugcina uhhavini uhlanzekile kungaholela ekuwohlokeni kwengaphandle okungabe
sekuthikameza impilo yayo nokungaba nobungozi.
12. Sicela ungakulahli lokhu emgqomeni kadoti wasendlini; kumele kulahlwe endaweni
ezohlinzekwa umasipala eyenzelwe ukulahla izinto ezifana nalezi.